Thursday, February 6, 2014

UDUME NGANI




Abanye baziwa ngezimbongi
Ezagiya ngosiba lanyakaza
Leli likaSenzangakhona kaJama
Kwakhala isalukazi sivuthela
Sathi bayazala abafazi
Waziwa ngani?

Abanye balwela inkululeko
Yombusazwe esiqhingini i-Robben
Bekhathele ukugqilazwa kwabamnyama
Intsha yahlala izithonto
Emaphoyiseni ngolimi lwesiBhunu
Waziwa ngani?

Abanye babonisa ubuqhawe
Balwa iNcome yayigazi
Balwa iSandlwana saphaphatheka
Bahlaba mahlanze eShiyane
Bevikela leli likaMthaniya
Waziwa ngani?

Abanye bakha imihlahlandlela
Abaningi bakha amabhuloho
Idlanzana laqinisa kojantshi
Abahlengikazi bonga kwasa
Abafundisi baqeketha bangama
Waziwa ngani?

No comments:

Post a Comment